Uphelele endaweni yengozi 'uSdumo'

2017-03-19 11:02

Johannesburg - Amaphoyisa akuqinisekisile ukuthi inkakha yomlingisi uJoe Mafela idlule emhlabeni ngoMgqibelo ebusuku.

Ngokombiko weTshisaLive, okhulumela amaphoyisa kamasipala u-Edna Mamonyane ukuziqinisekisile lezi zindaba esitatimendeni.

Uthe uMafela ubandakanyeke engozini yemoto eyenzeke ngabo-22:00 ku-M1 North phakathi komgwaqo ongenela e-Oxford naseHoughton eGoli.

"Singakuqinisekisa ukuthi ngo-21:45 ku-M1 North phakathi kwase-Oxford naseHoughton kubenengozi ehlanganisa iFord Figo neveni lapho kwakhiwa khona.

OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni uJoe Mafela

“Iveni ishayise iFord Figo. Umshayeli weFigo, obekunguMafela, ushonele endaweni yesigameko.

UJoe Mafela udlule emhlabeni eneminyaka engu-75 ubudala.

Uphenyo luyaqhubeka ngengozi, ngokusho kukasaid Mamonyane.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Thunderstorms. Mostly cloudy. Cool. Pta: 8-25°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-21°C Sunny. Mild. Bloem: 5-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Showers late. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...