Uphele sekumuncu umcimbi kamaskandi sekuqhuma isibhamu

2017-11-05 16:35

Durban - Uphele ngaphambi kwesikhathi futhi sekumuncu umcimbi kaMaskandi eBuyafuthi eGoli sekudutshulwana.

Abalandeli bakaMaskandi abebekhona bathi abafisi ukuphinde babuyele laphaya.

Kunede kwangena uMthandeni esitegi, abalandeli bakhe bawisa uthango, bangena esitegi.

Ukugcwala nabalandeli bakaMthandeni esitegi kucasule abanye, nokuyilapho kuqale khona izidubedube.

OLUNYE UDABA: Sehlisiwe isigwebo sika-Ben10

"Bekushaywa abantu ngamabhodlela kwaba nokuqhuma kwesibhamu. Kudubuleke intombazane onyaweni, kunomfana kade efake iBrentwood emdaka, naye odubulekile," kusho ozibonele ngawakhe.

Abantu besebebalekela impilo yabo.

"Okubuhlungu kakhulu wukuthi lokhu kwenzeke kusanabaculi abaningi abebengakanandisi, kwaphoqeleka ukuba uvalwe umcimbi," kusho omunye obekhona.

Okuyisimanga kukho konke lokhu wukuthi abazibonele ngawabo bathi odubulile wumlandeli obengayifakile imifaniswano "yeqhawe" lalo, ngakho-ke abaningi basola ukuthi lo muntu ubezolimaza abanye njengoba ebeqondise kubalandeli abebesesiteji bejabulela iqhawe labo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...