Uphele kabi umcimbi wakwaQubuka, eMtuba sekudutshulwana

2017-04-21 19:33

Durban - Umcimbi wesintu owenziwa wumndeni wakwaQubuka eMtubatuba uphele kwabi sekudutshulwana.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi iZululand Observer  libika ukuthi kushone owesilisa oyedwa kanti abathathu baphuthunyiswe esibhedlela benamanxeba amabi okudutshulwa.

Ingxabano kuthiwa iqale ngesikhathi kufika owesilisa ongamenyiwe, kwasuka uthuthuva ngesikhathi umndeni umxosha.

Abantu baphuthume emaphoyiseni beyofaka isikhalazo ngalo muntu. Ngesikhathi efika amaphoyisa, azithele phezu kwakhe umsolwa odume ngelikaVusi Mayise esebuyile ukuzohlupha.

OLUNYE UDABA:Uthisha udakwe waphazamisa umcimbi kamasipala

“Ngesikhathi abantu bemubona, bavele bamhlasela bamshaya. Uwele phansi abantu bagibela phezukwakhe bemshaya. Kusenjalo, kuzwakele sekuqhuma isibhamu,”kusho uKaputeni Jabulani Mdletshe okhulumela amaphoyisa akwaMsani.

Ngesikhathi kudutshulwa, kulimale kabi uMvelo Thuthukani Phungula, 26, odutshulwe esiswini washonela khona lapho.

“kulimale kabi noConstable Sibonelo Ndwandwe oduthsulwe emhlani , uMazwi Gift Phungula odutshulwe emlenzeni kanye noSicelo Siyaya odutshulwe engalweni nasemlenzeni,”kuqhubeka uMdletshe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Passing showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain showers. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 6-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 11-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...