UPenny Sparrow usezingxoxweni noMbuso - Umbiko

2016-09-12 09:58

Durban – Ubuyela eNkantolo yeMantshi yaseMzinto uPenny Sparrow ngecala lokucekela phansi isithunzi somunye umuntu emphakathini kulandela ukubiza abantu abamnyama ngezinkawu.

Leli cala wabekwa lona ngemuva kokulahlwa yicala lokukhuluma inkulumo elumelayo eNkantolo yezokuLingana wase eyalelwa ukuba akhokhe u-R150 000 enhlanganweni i-Adelaide and Oliver Tambo Foundation.

OLUNYE UDABA: Osaziwayo bakuleli sebevulele uPenny Sparrow icala

Egcina ukuvela enkantolo uSparrow ngomhlaka-15 Agasti, inkantolo yatshelwa ukuthi icala lakhe lizohlehliswa ukuze ummeli wakhe wamahhala ezokwazi ukuxhumana naye.

Engxoxweni ekhethekile aba nayo neNews24, uSparrow uthi wayengaqondile ukuphoxa muntu, kepha uyakuqonda ukuthi kungani inkulumo yakhe yabacika abantu.

Isenzo sikaSparrow salandelwa ezinye eziningi esezifake abantu enkingeni.

Enkantolo ngoMsombuluko kuvele ukuthi uSparrow usezingxoxweni zokwenza isivumelwano noMbuso.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Sunny. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-26°C Sunny. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...