UParker ukhuluma ngokubaluleka kweNedbank Cup

2018-03-09 12:31

Johannesburg - Umgadli weKaizer Chiefs uBernard Parker uthi Amakhosi "kuzomele enze umsebenzi" awine iNedbank Cup.

IGlamour Boys izobhekana neqembu elidlala ku-NFD iStellenbosch FC emzuliswaneni ka-last-16 emdlalweni ozoba seMoses Mabhida Stadium eThekwini ngoMgqibelo ebusuku.

Njengoba ukwehlulwa kwabo yi-Orlando Pirates kulimaze amathuba okuthatha isicoco seligi, ingcindezi ilokho ikhule njalo kuSteve Komphela kwazise selokhu afika akaze athathe sicoco esikhulu futhi usesalelwe yizinyanga ezintathu kuphele kwinkontileka yakhe.

OLUNYE UDABA: I-PSL ibeke AmaZulu icala ngokuziphatha kwabalandeli

UParker ukuqonda kahle okumele bakwenze.

“Kumele senze umsebenzi,” kusho uParker kwi-website yekilabhu.

“INedbank Cup yithuba lokuthathela ikilabhu isicoco, siphinde senzele nomqeqeshi nathi badlali.”

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...