UNyazi lunesifso sokuthenga isiteshi somsakazo

2017-09-03 15:36

Durban - UMduduzi "Nyazilwezulu" Shembe lubonise uthando netshisekelo yokuthenga umsakazo osakazela umphakathi wasePort Shepstone ngemuva kokuvakashela kuwo emasontweni ambalwa edlule.

Lo mholi wamaNazaretha aseBuhleni,  kuthiwa ufuna ukuthenga isiteshi somphakathi iRadio Sunny South eku-97.0 FM ese Port Shepston.

UNyazi luveze lokhu ngesikhathi luvakashele kulesi siteshi emasontweni ababili edlule kanti kuthiwa lithathwe wukuthi lo msakazo ongumunye wemisakazo esakaza izinhlelo zama-Nazaretha.

OLUNYE UDABA: Bekumhlophe qwa ehhostela lakwaMashu kufike uNyazi

Ngokubika kwephephandaba iSolezwe langeSonto, uNyazi lucele ukuthi uma bengezoludayisa, baluleke ngemigudu elandelwayo uma uzovula umsakazo.

Umphathi walesi siteshi uJoel Nondaba uqinisekisile ukuthi uNyazilwezulu lukhulumile ngalo msakazo.

"Lufune ukwazi ukuthi ungaba yimalini. Asilunikanga into eqondile, kodwa silinganise ukuthi kungaba u R2 million. Kule mali besibala ilayisensi yomsakazo nemishini ekhona ngaphakathi yokusakaza.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...