UNtlemeza uzoboshwa uma engayibuyisi ngokushesha imoto yoMbuso - Mbalula

2017-04-24 18:06

Pretoria – Kuzokhishwa incwadi egunyaza ukuboshwa kukalowo obeyiNhloko yoKlebe, uBerning Ntlemeza, uma engayibuyisi imoto yoMbuso ayithathe ngesikhathi efika emsebenzini ngoMsombuluko ekuseni.

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula uthumele umyalezo oqinile kuNtlemeza ngoMsombuluko ngesikhathi ebambe isithangami sabezindaba ekomkhulu loKlebe.

"Kuphambene nomthetho nje kwaphela lokhu akwenzayo. Upepenyeka ngemoto yoMbuso emgwaqeni, leyo moto kumele ibuye, ngifuna ibuye ngaphambi kokuthi ngihambe,” kusho uMbalula.

UNtlemeza ufike emsebenzini ngoMsombuluko yize umyalelo wenkantolo wamyalela ukuthi ukufakwa kwakhe esikhundleni kwakuphambene nomthetho ngakho kumele kuhoxiswe.

Ummeli kaNtlemeza, uComfort Ngidi, ekuseni utshele iNews24 ukuthi uNtlemeza ufike emsebenzini ngo-07:30 wabamba imihlangano eyejwayelekile nezikhulu zaleli hhovisi.

UMbalula ukuphikile konke lokho, wathi uNtlemeza ungene ngenkani kulo mhlangano wezikhulu, wanxenxa ukuba anikezwe imoto yoMbuso ngenkani.

Uthe uNtlemeza udlala ipolitiki futhi wedelela umthetho ngalesi senzo sakhe.

UMbalula uphinde washiya angalazi kuKhomishana wamaPhoyisa obambile uKgomotso Phahlane, wathi akahlukane nokuba ngubhululu kaNtlemenza, kungenjalo uMbalula uzophoqeleka ukuba afake omunye umuntu esikhaleni sakhe.

UNgidi useyalele uNtlemeza ukuba aphindise imoto kanye nomakhalekhukhwini woMbuso.

Buka nansi i-video ngezansi:

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...