Unqume ukuzibulala umfundi obehlushwa yiziqhwaga esikoleni

2017-03-03 16:01

Cape Town – Inqume ukuzibulala ingane yentombazane eneminyaka engu-12 ubudala ngemuva 'kokuhlushwa' ngezinye izingane esikoleni.

Lezi zindaba zale ntombazane ezibulalele ekhaya ngesonto eledlule zishaqise abafundi nothisha esikoleni.

Le ntombazane ibanjelwe inkonzo yesikhumbuzo esikoleni iHyacinth Primary, eMitchells Plain, kuleli sonto ngemuva kokuba itholakale ilenga ekhaya ngomhlaka-23 Febhuwari.

OLUNYE UDABA: Unqatshelwe ibheyili owokufika ngezinsolo zokudlwengula

Omunye uthisha wakwesinye isikole khona endaweni, ocele ukuba lingadalulwa igama lakhe, utshele abeDaily Voice ukuthi lo mfundi obenza uGrade 7 ubehlushwa abanye abafundi.

Imininingwane yesigameko ibingakacaci kahle, abephephandaba bezwe ukuthi lo mfundi ubengowokufika kuleli.

"Sizwe ukuthi lo mfundi udabuka eZimbabwe kanti uzilengise ngoba ehlushwa abanye abafundi esikoleni," kuchaza uthisha.

"Umama wakhe ube nokusola ngesikhathi emumemeza wangasabela. Ube eseyombheka egumbini lakhe lokulala wamfica ezilengisile."

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eWestern Cape, uMillicent Merton, uqinisekise isigameko kodwa wathi ayikho imbiko abayitholile ngomfundi obehlushwa abanye.

UMerton ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini walo mfundi nakubangani wathi uMnyango ubuhlungu ngokulahlekelwa wumfundi.

"Abafundi bazothola ukwelulekwa ngokomqondo."

Daily Voice

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Haze. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C More sun than clouds. Cool. PE: 13-18°C Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...