Unqatshelwe ibheyili umabhalane owaqola inkampani imali engaphezu kuka-R1m

2018-03-13 16:01

EMpumalanga – Unqatshelwe ibheyili owesimame ovele eNkantolo yeMantshi yaseNelspruit ngecala lokukhwabanisa, kubika iMpumalanga News.

USiphiwe Emily Mashinini oyengumabhalane enkampanini iMpumalanga Economic Growth Agency (MEGA), waboshwa wuphiko loKlebe ngoLwesihlanu ngamacala angu-36 okukhwabanisa, ukushushumbisa imali kanye nawokweba.

Icala lakhe lihlehliselwe umhlaka-9 Ephreli njengoba amaphoyisa esaqhubeka nophenyo.

Lo msolwa ubeshintsha izinombolo zama-akhawunti ezinkampani ezihlinzeka i-MEGA ngomsebenzi afake izinombolo ze-akhawunti yakhe noma ezihlobo zakhe, awalowo owayengumyeni wakhe uMike Mhlupheki, umngani wakhe uThulisile Petronella Nkundla kanye nomyeni wakhe uMfelani Louis Nkundla.

OLUNYE UDABA:Umfundi wezindaba uxoshelwe ukukhwabanisa kwa-SABC

Umsolwa waboshwa nabanye abasolwa ngo-2012 ngezinsolo zokuqola i-MEGA imali engaphezu kuka-R1 million, bonke bakhishwa ngebheyili ka-R5 000 umuntu ngamunye.

Ngo-2013 laba banye abasolwa batholakala benecala bagwetshwa iminyaka engu-7 icala ngalinywe, kwangu-18 okweba, kodwa kwalengiswa iminyaka emihlanu ngemibandela yokuthi abatholakali benze ubugebengu obufanayo.

Ngaleso sikhathi kwadliwa umuzi kanye nezimoto ezimbili zakwaNkundla. Kwadliwa nomuzi wabazali bakaMashinini kanye nemoto yakhe yohlobo lwe-Tazz.

Kwakumele avele eNkantolo yesiFunda eGraskop ngomhlaka-5 Mashi ukuze kuqale ukuqulwa kwecala kodwa wahluleka ukufika kwaze kwakhishwa incwadi egunyaza ukuboshwa kwakhe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...