Unqatshelwe ibheyili osolwa ngokubulala ashise intombi yakhe

2017-06-30 14:01

Johannesburg - USandile Mantsoe‚ osolwa ngokubulala intombi yakhe uKarabo Mokoena‚ unqatshelwe ibheyili yiNkantolo yeMantshi eGoli ngoLwesihlanu.

Inkantolo ithole ukuthi uMbuso unecala eliqinile ngomsolwa.

Kungenzeka ukuba uKarabo Mokoena wayesaphila ngesikhathi isoka lakhe uSandile Mantsoe limthela ngophethiloli nange-acid limshisa endaweni okulahlwa kuyona udoti eLyndhurst e-Ephreli, kutshelwa inkantolo ngoLwesihlanu.

Ebeka amazwi akhe okuphikisa, umshushisi uJohn Metswamere utshele inkantolo ukuthi uMantsoe wavuma ukuthi waphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho ngokushisa isidumbu.

OLUNYE UDABA: Usomabhizinisi waseThekwini uthi intsha ayihlukane nobuvila

Esitatimendeni esifungelwe, uMantsoe watshela inkantolo ukuthi isidumbu sikaMokoena wasishisa ngemuva kokuba esithole endlini yakhe eSandton.

Umsolwa, 27, watshela inkantolo ukuthi umufi wazibulala.

Icala lihlehliselwe umhlaka-28 Julayi.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...