Unqatshelwe ibheyili lowo osolwa ngokubulala uYende

2017-06-29 16:00

Johannesburg - Indoda esolwa ngokubulala uThembisile Yende inqatshelwe ibheyili eNkantolo yeMantshi yaseSprings empumalanga yeGoli ngoLwesine.

UDavid Ngwenya, 44, obesebenza noYende, uthweswe icala lokubulala.

OLUNYE UDABA: Lihlehlile elokubulawa kukaYende namuhla

Kuvele enkantolo kuleli sonto ukuthi uNgwenya ubeyingxenye yomkhonovu wokushushumbisa i-copper, kanti kusolwa ukuthi uYende ubesezomumpimpa.

Isidumbu sikaYende satholwa ngemuva kwezinsuku eziyishumi ngemuva kokunyamalala emahhovisini akwa-Eskom, kwenziwa engathi uzibulele.

UNgwenya kulindeleke ukuba aphindele enkantolo ngomhlaka-17 Julayi.

Umseshi uChristo Lotz utshele inkantolo ngoLwesibili ukuthi uYende wajovwa ngesidakamizwa ukuze ezophelelwa ngamandla, wabe eseyiswa esikhungweni sasePieterboth nokuyilapho afike washaywa khona waklinywa.

Imiphumela yokuhlolwa kwesidumbu yaveza ukuthi wazama ukulwa kodwa wehlulwa ngamandla.

ULotz uthe isidumbu sakhe safihlwa izinsuku ezintathu, sabe sesiyobekwa e-storeroom ukuze kubukeke sengathi uzibulele.

"UNgwenya wayenabanye abantu besilisa abamsiza nokumanje basathungathwa ngamaphoyisa. Kuthiwa wabafonela wabatshela ukuthi imfihlo yabo ayisaphephile ngakho kuzomele uYende abulawe,” kusho uLotz.


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...