Unogada wesikole esiseSoweto uthweswe amacala amathathu okudlwengula

2017-10-12 09:31

Johannesburg - Unogada wesikole osolwa ngokunukubeza ngokocansi abafundi abangu-54 esikoleni esiseSoweto uvelile izolo (ngoLwesithathu) eNkantolo yeMantshi yaseProtea.

Nakuba othisha esikoleni esise-Orlando East behlonze izisulu ezingu-54, uMbuso uthweswe le ndoda eneminyaka engu-57 ubudala amacala amathathu okudlwengula nelokunukubeza ngokocansi.

Icala lomsolwa lihlehliselwe isonto elizayo ukuze ezothola ummeli.

OLUNYE UDABA:Kudlwengulwe umfundi eShowe

Kukholakala ukuthi le ndoda yanukubeza abafundi abangu-54.

Ezinye izingane azisafuni ukuya esikoleni.

Umphakathi wase-Orlando ushaqekile ngesikhathi kubohwa le ndoda ngoMsombuluko.

UZanele Malinga oyilungu lomphkathi uthe: "Miningi iminyaka sazana nale ndoda futhi sake sasebenza nayo, yayiyindoda elungile. Bengazi ukuthi inezinkinga emndenini wayo kodwa angikaze ngiyicabangele into ekanje."

UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng uPanyaza Lesufi kulindelejke ovakashele lesi sikole izolo (ngoLwesithathu), uthe uphelelwe ngamazwi ngobunzima lezi zingane ezidlule kubo kulandela isenzo nogada. 

 - The Star


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...