Unogada ubulale indoda phambi kukanina eThekwini

2017-10-26 10:59

Durban - Isobishini inkampani yonogada ezimele ngemuva kokuba ilungu layo lidubule labulala indoda ebingahlomile eShallcross, eChatsworth, ngoLwesithathu ntambama.

UNolan Naidoo, 35, ubeye kumama wakhe eyocela imali njengoba kukholakala ukuthi ubecwile ekudleni izidakamizwa.

Kusolwa umama ucindezele inkinobho yosizo ngoba nakhu ethukile, eqwashisa inkampani yonogada. Unogada wafika endaweni yesigameko kwabe sekuqubuka ingxabano. Unogada wadubula le ndoda esifubeni.

OLUNYE UDABA:Unogada udubule wabulala umsolwa

Esitatimendeni esifakwe enkundleni yezokuxhumana iFacebook, iMzansi Security, ithe unogada uphuthume emzini oseShallcross obukhala i-alamu.

"Lo nogada uthe efika, lo wesifazane waphinde wakhala ngokuhlukunyezwa yindodana yakhe edla izidakamizwa kodwa ibisingasekho endlini ngesikhathi kufika unogada.

"Ngesikhathi lo nogada esehamba uzwe lo wesifazane ekhala futhi ecela usizo, njengoba indodana yakhe ibisiphinde yangena endlini. Unogada ube eseqonda le ndoda ngenhloso yokudambisa isimo," kufundeka isitatimende.

Le nkampani ithe uNaidoo ubenodlame wazama ukushaya unogada. Uphinde wazama ukuphuca unogada isibhamu. Yaqhuba ngokuthi unogada ube eseziphindiselela ngesibhamu.

"Umsolwa uthole inxeba elilodwa lokudutshulwa esifubeni. Lolu daba njengamanje luphenywa ngamaphoyisa."

ULieutenant Colonel Thulani Zwane, okhulumela amaphoyisa uqinisekise ukuthi unogada uthweswe icala lokubulala. Kulindeleke ukuba avele enkantolo namuhla (ngoLwesine).



 - Daily News

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...