'UNkulunkulu owangiyalela i-Doom'

2016-11-22 11:32

Johannesburg - Umprofethi Lethebo Rabalago  waseMount Zion General Assembly uthi uNkulunkulu Nguye owamyalela ukuba afuthe abantu nge-Doom.

Izithombe zikaRabalago efutha abantu nge-Doom enkonzweni ebingempelasonto zisabalale ezinkundleni zokuxhumana.

Lona wesilisa oneminyaka engu-24 ubudala uthi abantu abagulayo bayasinda selokhu aqala ukubafutha nge-Doom.

OLUNYE UDABA: Lizoqhubeka nokwethula ubufakazi elasinda lihlaselwa eNanda

ITiger Brands, ekhiqiza lesi sibulali zinambuzane, ikhiphe isitatimende icela lona wesilisa ukuba ayeke lento ayenzayo.

Ekhuluma ohlelweni i-AM Live ku-SABC, uRabalago uthe, “Miningi eminye imikhiqizo esiyisebenzisayo, kodwa ngoLwesihlanu uNkulunkulu uthe akube yi-Doom.”

Uthi useke wasebenzisa izinto ezifana nenhlaba, uphethiloli waphinde wafaka nezandla zabantu emlilweni kodwa zingashi, kubika iSABC.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...