Unkosikazi 'uselwamukele' udaba lwezingane zikaGunman

2017-06-28 12:31

Johannesburg - Inkosikazi yomlingisi ongasekho emhlabeni uJabu "Gunman" Kubheka, uCynthia Khumalo, isivule isifuba sayo kulandela ukuthola izindaba ezishaqisayo ngomyeni wayo, ezithi ubenezingane ezingu-24.

Ekhuluma neTshisaLIVE, uCynthia, uthe kwamethusa ukubona kusukuma izingane ezingu-14 ezazibizelwe phambili ngesikhathi kuqhubeka inkonzo yesikhumbuzo somyeni wakhe.

"Ngangihlezi phansi ngiduduzwa udadewethu, sobabili savele samangala. Zaziziningi zona kodwa bandla zifana naye, ezinye zazo zimfishane njengaye. Futhi akukho engingakwenza, uhambile uJabu. Ubengubaba wazo futhi ngikwamukele lokho," usho njalo.

OLUNYE UDABA:Kufanele akhiphe iqiniso unkosikazi kaGunman - Umndeni

Kulo lelo sonto ngosuku lokufihlwa kukaGunman, uCynthia waphinde wathola ukuthi kunezinye izingane eziyishumi nazo ezifana noJabu kodwa lo mfelokazi uthe useze wakuthola ukuthula enhliziyweni kulandela ukuthola ngalezi zingane.

Utshele iTshisaLive ukuthi akacabangi ukuthi "omama bezingane" bengaqambela izingane zabo amanga amakhulu kangaka, okushonelwa nguyise.

Inkosikazi kaJabu ichazile ukuthi njengoba uJabu engasekho, akekho umuntu angakhuluma naye ngalolu daba lwezingane, ngakho usekhethe ukuba angagxili kulo.

"Akekho umuntu engizombuza ngazo zonke lezi zingane. Bengazi ezine kuphela kodwa akukho engingakwenza. Ngabona ezingu-24 emngcwabeni, kungenzeka ukuthi kunezinye futhi," usho njalo.

Lo mlingisi owazakhela udumo edlala indawo kaGunman kumdlalo kamabonakude iYizo Yizo udlule emhlabeni ngemuva kokuzibulala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-17°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...