Unkosikazi 'ulaxaze' uMarks Maponyane kubangwa eyomshwalense - Umbiko

2017-06-12 14:02

Johannesburg - Owayengumdlali webhola uMarks Maponyane nenkosikazi yakhe yeminyaka engu-39, uSylvia, bazoliqaqa ifindo labo likasofasilahlane ngemuva kwengxabano evuthayo ababe nayo.

Unkosikazi kaMaponya kubikwa ukuthi udinwe uvavezela ngemuva kokuthola ukuthi umyeni wakhe umthathele umshwalense wempilo yena engazi.

USylvia uwushiyile umuzi wabo oseMidstream Estate kanti manje usehlala efulethini lakhe eliseLyttelton, ePitoli.

Lo mama uthi enye yezinto ezamcika kakhulu wukuthi umyeni wakhe wamtshela ukuthi “usabuka umabonakude” ngesikhathi ecela usizo lwakhe evaleleke emotweni ngemuva kwengozi.

Uthi ziningi izimo ake abhekana nazo ezinzima kulo nyaka kodwa umyeni wakhe engatholakali ukuzomeseka.

OLUNYE UDABA:Lilengiselwe isigwebo ikhehla elabulala unkosikazi owazicelela

“Ngahlaselwa amadoda engikhomba ngesibhamu engigebenga, ngathi ngixhumana naye ngemuva kwaleso sigameko wangitshela ukuthi umatasa ezitolo. Akafunanga nokungiphelezela ngiya emaphoyiseni,” kusho yena.

UMaponyane uyivumile eyengxabano nomkakhe ngemuva kokuthatha umshwalense wempilo yakhe engazi, kubika iSunday World.

“Yebo, sabanayo ingxabano engisola ngokwenza lokhu ngase ngiyambuza ukuthi buphi ubufakazi balokho ngoba mina angikaze ngenze into efana naleyo," kusho uMaponyane.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...