UNkosazana Dlamini-Zuma watshela i-ANC ukuthi akaphume esikhundleni uZuma - Umbiko

2018-02-14 14:01

Johannesburg - Lowo owayegaqele isikhundla sokuba umengameli, uNkosazana Dlamini-Zuma, ushayele isipikili sokugcina ngekusasa likaMengameli Jacob Zuma ngesikhathi emangaza abaningi emhlanganweni we-NEC ye-ANC ngoMsombuluko ethi akehle esikhundleni, kusho umbiko.

I-ANC ngoLwesibili imemezele ukuthi isimcele ukuba ehle esikhundleni uZuma, bese kuthi uCyril Ramaphosa, ongumengameli wayo, athathe izintambo e-Union Buildings.

Isicelo sokuba uZuma ehle esikhundleni silandele umhlangano we-NEC odonse amahora angu-13 kusukela ngoLwesibili emini.

Esinye sezizathu okuthiwa senze umhlangano udonse isikhathi eside kube ukuthi uZuma ubefuna ukunikezwa okungenani izinyanga ezintathu ngaphambi kokuba ehle esikhundleni.

OLUNYE UDABA: Izokwethulwa nguRamaphosa inkulumo yesizwe

UZuma kuthiwa ubefuna ukuthamela i-African Union Summit nomhlangano we-Brics bese eyaphuma esikhundleni sokuba nguSihlalo we-Southern African Development Community ngaphambi kokuba ehle esikhundleni.

Kodwa ngokusho kwemithombo eyayisemhlanganiweni, abalandeli baZuma bagqemeka engeqiwa ntwala ngesikhathi uDlamini-Zuma ethi akumele uMengameli avunyelwe ukuba aqhubeke nokuhlala kulesi sikhundla kuze kuphele ihlandla lakhe ngo-2019 noma ukuba ethule inkulumo yesizwe.

Imibiko ithi uDlamini-Zuma wakhuluma kanje ngaphambi kokuba uRamaphosa noNobhala Jikelele u-Ace Magashule bahambise umbiko kuZuma ngesinqumo se-NEC.

Khonamanjlo, uZuma uhlehlise umhlangano weKhabhinethi obekumele ubengoLwesithathu, ngezizathu zokuthi vele ngeke kube nguyena ozowuhola umhlangano.

- Sowetan Live

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...