UNgqongqoshe wezokuThutha ukhuphule imali ekhokhwa ema-Toll

2018-03-29 16:00

eGoli -  UNgqongqoshe wezokuThutha uBlade Nzimande usegunyaze ukukhushulwa kwenani lemali ekhokhwa ema-toll gate kuyo yonke imigwaqo yakuleli ngonyaka wezimali ka-2018/2019.

Lokhu kuvezwe yinhlangano eyengamele ezemigwaqo ngoLwesini.

Ukukhushulwa kwale mali kuhambisana nezinguquzo ezenziwe ngokukhushulwa kwentela eyengeziwe kanti kuzongeniswa ngokusemthethweni ngomhlaka 12 Ephreli 2018, kusho abeSouth African National Roads Agency (Sanral).

OLUNYE UDABA: USanral usabisa ngokufaka enkantolo abangawakhokheli ama-e-toll

"Lezi zinguquko ezenziwe zizosebenze ku-N3 phakathi kweGoli neTheku, ku-N4 phakathi komngcele waseMozambique kuya emgceleni waseBotswana, kanye nasemigwaqeni uN1, N2, N17 no-R30," kusho le nhlangano.

USanral imali ezokhokhwa nyangazonke yizimoto ezincane izokuba ngu-R266 kusukela ku-R250.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...