UNgqongqoshe wezeMpilo e-KZN ucela kunikelwe ngegazi

2018-01-04 07:32

Durban - UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uS'bongiseni Dhlomo unxuse umphakathi ukuba unikele ngegazi njengoba amaholidi esesemaphethelweni.

UDhlomo uthe igazi lidingeka kakhulu kulesi sikhathi sonyaka ukuze lizosiza abantu ababandakanyeke ezingozini zomgwaqo, ababelethayo nalabo abaphethwe ysifo somdlavuza. Uthe yena usenikele ngegazi enxanxathela yezitolo iMega City eningizimu yeTheku.

I-South African National Blood Services njengamanje inegazi lezinsuku ezintathu.

OLUNYE UDABA:Sicela ninikele ngegazi - SANBS

UDhlomo uthe ukunikela ngephayinti legazi kungahlenga impilo yomuntu.

Owe-SANBS uPhindile Cele uthe badinga igazi lezinsuku ezingu-5.

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C More sun than clouds. Mild. Pta: 20-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...