UNgqongqoshe wezemfundo uzohambela umngcwabo wabafundi abawu-6 eDalton

2017-08-11 18:01

Dalton - Iziphathimandla zikahulumeni wakwaZulu-Natal bazohambela umngcwabo wabafundi abayisithupha abashona engozini yomgwaqo.

UNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal uMthandeni Dlungwane, ephelezelwa yinhloko yomNyango wezokuThutha uSibusiso Gumbi bazohlanganyela nomphakathi waseDalton ngoMgqibelo lapho kuzobe kungcwatshwa khona laba bafundi.

Le ngozi ibandakanya amatekisi amabili ayethutha abafundi. Ashayisana, enye yavutha amalangabi.

Le ngozi yenzeka ku-R614 ngaseFawn Leas ngaphansi kukaMasipala waseMshwathi.

OLUNYE UDABA:Ugwetshiwe owabulala abasubathi, wafihla isidumbu soyedwa e-KZN

Lawa matekisi ayethwele abafundi baseMatatane nabaseCool Air Secondary School.
Kuthiwa abashayeli babedlala “ichicken”, ukuqhudelana ngezimoto emgwaqweni, ngesikhathi kwenzeka ingozi. Abafundi abawu-5 bashonela khona lapho.

Abawu-6 baphuthunyiswa esibhedlela eGreys nase-Appelsbosch, kubika i-KZN Eyethu.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...