UNgqongqoshe wamaphoyisa ubhekene necala lesondlo

2017-01-15 16:04

UNgqongqoshe wamaphoyisa uNathi Nhleko usenkingeni nezomthetho njengoba unkosikazi wakhe emubophisela imali yesondlo.

Ngokwemibiko yephephandaba iSunday Sun,uNhleko waxosha umkakhe uNothando Nkomo emzini wabo kwaDlangezwa ngoJulayi wonyaka odlule.

Leli phepha selithole ukuthi lo nkosikazi uthathele enkantolo yaseMpangeni lapho afake isicelo sokuphoqa uNhleko ukuba akhokhe isondlo sengane yabo.

OLUNYE UDABA:Ungqongqoshe udlulise awenduduzo ngokushona kwenkakha

Ngokomthombo okhulume naleli phepha uNhleko wagcina ngoSepthemba odlule ukukhokha isondlo sengane.

“UNathi wagcina ngokuthenga ithini elilodwa lobisi kanye nephakethe elilodwa lamanabukeni. Uyazi ukuthi uNothando akasebenzi kodwa akayondli ingane.”

Kuthiwa uNgqongqoshe nomkakhe abasazwani kanti abanye bathi ukwenza kwakhe kubonisa ukungabi yindoda enokuthembeka.

“Yize kungemnandi phakathi kwabo futhi kwaziwa ukuthi usethandana nomunye umuntu. Kungani kuhlukumezeka ingane ngenxa yezenzo zabo.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-22°C Scattered tstorms late. Partly cloudy. Cool. PE: 10-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...