UNgqongqoshe 'uxoshe' iPA ngenxa yabakwaGupta

2017-08-02 12:32

Cape Town – UNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uLynne Brown, usecele iPA yakhe, uKim Davids, ukuba isule emsebenzini kulandela izinsolo ezimayelana nama-email aputshuka ngomndeni wakwaGupta.

NgoLwesithathu, amaBhungane neScorpio babike ukuthi abantu abathathu abasondelene noBrown, okubalwa kubona noDavids, kunokuthile okubahlanganisa nomndeni wakwaGupta.

Ngokombiko, ama-email akhomba ukuthi umndeni wakwaGupta waxhumana nabathile abasondelene noMgqongqoshe, nokuyinto equbule ukukhathazeka mayelana nokuthi naye uBrown kungenzeka ukuba ulawulwa ngumndeni wakwaGupta.

OLUNYE UDABA: IZambia ikhwele yadilika kuMalema

"Ngibhekane nezinsolo ezithinta uDavids. Ukuze kwenziwe ubulungiswa ngibe sengimcela uDavids ukuba aphendule ngezinsolo,” kusho uBrown esitatimendeni ngoLwesithathu.

"Ngigculisekile ngezimpendulo zakhe kodwa ngabona ukuthi izinsolo ngaye uDavids zingase zithunaze isithunzi sehhovisi lami.

"Isinqumo sami asisho ukuthi unecala uDavids. Kudwa kubalulekile ukuba ihhovisi lami ligweme ukugxekwa.

"Ngithanda ukumbonga uDavids ngomsebenzi wakhe futhi ngimfisela okuhle,” kusho uBrown.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...