UNgqongqoshe usole iMeya yaseGoli ngodlame olubhekiswe kwabokufika

2017-03-01 11:01

Johannesburg - UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi eGauteng, uSizakele Nkosi-Malobane usesole iMeya yedolobha iGoli, uHerman Mashaba ngodlame olubhekiswe kwabokufika kuleli.

UNkosi-Malobane ukhulume kanje ngoLwesibili ngaphambi kwenkulumo yesifundazwe esiShayamthetho saseGauteng.

OLUNYE UDABA: Uyasivikela isinqumo sakhe ungqongqoshe othengele iziboshwa i-KFC

Kuhlaselwe abantu bokufika eJeppestown kuleli sonto abantu bazama nokutapa impahla ezitolo zabo.

UMashaba useziphikise kaningi izinsolo wathi inkulumo yakhe ngezifikanamthwalo kuleli akusiyo eholele kulolu dlame oluqhubekayo edolobheni.

UNkosi-Malobane uthe isitatimende sikaMashaba ngabantu abafika kuleli ngokungemthetho sidalele umnyango wakhe umsebenzi omningi.

"Ukube akazange abize abantu ngezilwane nezigebengu ngabe akunje namuhla."

UNkosi-Malobane uthe abaholi kufanele bakuqaphele abakukhulumayo.

 - EWN

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 21-27°C More sun than clouds. Warm. Pta: 15-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-30°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-32°C Widely scattered tstorms. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-28°C a mixture of sun and clouds. Warm. PE: 22-26°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...