UNgqongqoshe ukuthi ibhodi lakwa-Eskom lamdukisa ngodaba lukaMolefe

2017-06-17 11:00

Johannesburg – Njengoba ibhodi lakwa-Eskom lisanda kuqinisekisa ukuthi udaba ‘lokuxoshwa’ kukaBrian Molefe lusezandleni zikaNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni uLynne Brown, uNgqongqoshe useveze ukuthi uMolefe wazikhethela yena ukushiya kwa-Eskom njengesikhulu esiphezulu.

UBrown uthi wahlangana noMolefe ngonyaka odlule nokuyilapho amazisa khona ngesicelo sakhe sokwesula emsebenzini, ngaphambi kokuba aye ePhalamende.

UMolefe wabuyiselwa emsebenzini kodwa leso sinqumo sahoxishwa kulandela umyalelo kaBrown.

UMofele ube esebabela enkantolo efuna ukuba inkantolo ikuthathe njengokungekho emthethweni ukuxoshwa kwakhe, kanti nebhodi lakwa-Eskom lithi ngeke liphikisane nemizamo kaMolefe yokuphonsela izinselelo isinqumo sokuxoshwa kwakhe njengesikhulu esiphezulu.

OLUNYE UDABA: 'Umphakathi awuhlukane nokuthuthukisa izigebengu'

Nokho, uBrown uthi uMolefe akaxoshwanga kodwa ukuqokwa kwakhe kabusha yibhodi ngenyanga edlule kwakuphambene nomthetho, ngaleyo ndlela bekumele leso sinqumo sihoxiswe.

UBrown uthi uMolefe akazange amtshele yena ukuthi ufuna ukuthatha umhlalaphansi ngaphambi kwesikhathi esifanele njengokusho kwebhodi lakwa-Eskom, kodwa wathi uyesula.

UBrown uthindaba yomhlalaphansi uqale ukuyazi ngesikhathi sekuvela ukuthi uMolefe uzokhokhelw au-R30 million wempesheni.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...