UNgqongqoshe ugxeke ukujola kothisha nabafundi

2016-07-22 10:03

Durban - Uthisha oneminyaka engu-36 ubudala osolwa ngokudubula abulale umfundi nomama wakhe ulindeleke ukuba avele eNkntolo yeMantshi yaseKranskop namuhla.

Lo thisha kuthiwa ubenobudlelwano nomfundi wesikole iNdukwende Secondary.

Amaphoyisa athi le ndoda yaya kubokalo mfundi ngesikhathi samaholidi ekuqaleni kwenyanga ngesikhathi kuqhubeka ingxabano wathi ufuna ahambe naye.

OLUNYE UDABA: Uthisa ecaleni lokubulala umfundi owayeyintombi yakhe kanye nonina

Kusolwa ukuthi ngesikhathi intombazane nomama wayo benqaba lo thisha wavele wadubula.

UNgqongqoshe wezeMfundio uMthandeni Dlungwane usigxekile isigameko ngesikhathi evakashele abomndeni.

UDlungwane uthe kuyishwa ukuthi umphakathi usathula ngodaba lothisha abajola nabafundi.

"Umphakathi kufanele uphume ngobuningi bawo usunike imininingwane ngoba namuhla sithole okusha, ukuthi lothisha unengane eneminyaka emibili nalo mfundi.

"Akekho owake wazosibikela, wafike wathi nangu uthisha ethandana nomfundi," usho njalo, kubika iNewswatch.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...