UNgqongqoshe ugxeka amaGupta ngokuhlasela uMnyango wakhe

2017-01-30 18:01

Johannesburg  - UNgqongqoshe wezeziMali, uPravin Gordhan, usegxeke umndeni wabakwaGupta kanye nabathile abasebenzisana nawo ngokuqhuba umkhankaso ohleliwe wokulwisana noMnyango wakhe kanye naye uqobo, ngokwamaphepha asenkantolo afakwe ngoMsombuluko.

UGordhan ufake isitatimende esifungelwe eNorth Gauteng High Court, eTshwane, ngoMsombuluko ekuseni, kulandela isinyathelo se-Oakbay Investments sokufaka amaphepha asenkantolo ngomhlaka-20 kuJanuwari.

Lama phepha amayelana nesicelo sikaGordhan sango-Okthoba wangonyaka odlule, nalapho ayefuna khona ukuvikelwa yinkantolo ngokuthi angaphoqwa abakwaGupta ukuba angenelele odabeni lokuvalwa kwama-account e-Oakbay Investments ngamabhange akuleli.

OLUNYE UDABA: UJohann Rupert ukhala ngaphansi ku-Atul Gupta ngobucebi – Umbiko

Ngonyaka owedlule, amabhange amakhulu aseNingizimu Afrika avala ama-account e-Oakbay Investments, nokuyinkampani yomndeni wakwaGupta.

Njengengxenye yesicelo, uGordhan wafaka umbiko weFinancial Intelligence Centre (FIC) nowawuveza imininingwane ngokuthi amabhizinisi abakwaGupta awenza kanjani u-R6.8bn “ekungeneni kanye nokuphuma kwemali okungajwayelekile futhi okusolisayo”.

Emaphepheni asenkantolo amabhange azwakalisa ukukhathazeka ngamaGupta okubalwa kukho ukushintshana ngemali okungekho emthethweni kanjalo nokuphuma kanye nokungena kwemali okusolisayo kwalo mndeni njengoba uyamaniswa nezepolitiki.

UGordhan uthi izinsolo ze-Oakbay zokuthi isicelo sakhe sasenkantolo sinenhlese yezepolitiki azinasisekelo futhi azinasizathu. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...