Ungqongqoshe udlulise awenduduzo ngokushona kuka'Bra Eddie'

2018-01-25 18:00

Durban - Izinkulungwane zabantu sezidlulise amazwi enduduzo kulandela ukudlula emhlabeni kwesinye isihlabani kwezokulingisa, uSandy Mokwena, ezinkundleni zokuxhumana.

Le nkakha yezokulingisa eyaziwa kakhulu ngoBra Eddie emdlalweni wakumabonakude ku-e.tv iScandal! udlule emhlabeni (namuhla), ngoLwesine ekuseni.

Lo mlingisi, 68, oseke wadlala emdlalweni eminingi kumabonakude okubalwa kuyo iGenerations, iYizo Yizo neSoul City, ushonele esibhedlela.

OLUNYE UDABA:Sekuphinde kwedlula emhlabeni esinye isihlabani embonini yezokulingisa

UMokwena kubikwa ukuthi ugcine ukubonakala endaweni okuqoshwa kuyo umdlalo iScandal! ngesonto eledlule kanti kubikwe nokuthi kumisiwe ukuqopha namuhla kulandela ukuzwakala kwezindaba zokudlula kwakhe emhlabeni.

"Abakwa-e.tv babuhlungu ngokuzwa lezi zindaba ezingezinhle babe sebedlulisa amazwi enduduzo emndenini kanjalo nakubalingisi nophrojusa beScandal," kusho isitatimende sesiteshi.

Lezi zindaba zokudlula kukaMokwena emhlabeni zilandela lezo zokusishiya kwenkakha yomculo weJazz kuleli uHugh Masekela.

UNgqongqoshe wezobuCiko namaSiko uNathi Mthethwa naye udlulise awenduduzo emndenini, abangani kanye nakozakwabo balo mlingisi.

 - Twitter:

 - Newswatch

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...