UNgqongqoshe kumele aphendule ngezimbali kanye nezipho zika-R10m - DA

2017-07-17 09:33

Johannesburg - IDemocratic Alliance ngeSonto ifune izimpendulo ngendlela uMnyango wezokuHlaliswa kwaBantu owasebenzisa ngayo imali engaphezu kuka-R10m ukuthenga izimbali nezipho.

"UNgqongqoshe, uLindiwe Sisulu - ephendula imibuzo yeDA - udalule ukuthi uMnyango wakhe wasebenzisa imali engaphezu kuka-R10m ukuthengela izisebenzi izimbali kanye nezipho ngonyakamali ka-2013,” kusho iLungu leDA ePhalamende uSolly Malatsi.

OLUNYE UDABA: Kutholakale usana emgqonyeni kadoti

Uthe iqembu lakhe manje selizothumela eminye futhi imibuzo ePhalamende, ukuze lithole neminye iminingwane ngalolu daba.

"[USisulu] kumele aphinde ahlanganise uhlu oluphelele lwabantu abahlomula kulo-R10m."

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 14-18°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...