Ungqokloze umakhelwane ngenhlamvu ethi ‘akahlukane nezindaba zakhe’

2017-09-29 18:00

Durban – Simuncu isimo emphakathini waseMapulazini, eNanda, enyakatho yeTheku ngemuva kokuba owesilisa edubule wabulala umakhelwane wakhe maqede wazingqokloza ngenhlamvu naye ngeSonto.

Kakwaziwa okudale ukuba uMnu Sibusiso Goodman Gcwabaza adubule abulale uNkz Sindisiwe Lungelo Ndwandwe, 34, kodwa kuthiwa ufike watshela isisulu nababemi naso ukuba bahlukane nezindaba zakhemaqede wakhipha isibhamu wamdubula esifubeni.

Kuthiw uGcwabaza usuke lapho wazidubula ekhanda waphuthunyiswa esibhedlela lapho afike washonela khona.

Ilungu lomphakathi – elicele ukuba lingadalulwa – lithe isimo simuncu kakhulu endaweni.

“Kangikaze ngiyibone into enjena, ngidabukela izingane zakhe ezintathu azishiyile uSindi. Le nto isethuse kakhulu ngoba ubengumuntu ozithulelayo, ekhonze ukuzihlalela endlini. Naye lo mfana ubengeyena umuntu oyisixhwanguxhwangu okuyikho okwenza sidideke ukuthi yini lena ebimcasulile ukuba angaze athathe isinqumo esinzima ngale ndlela,” kusho leli lungu lomphakathi.

UMnu Mncedisi Zulu onguyise wengane kaNdwandwe – obehlala naye eNanda – uthi akazi ukuthi yini esuse ingxabano ngoba umsolwa uyamazi futhi ungumfana obezithulela, engenalo udlame.

Utshele ILANGA ukuthi kusenzima ukwamukela isimo njengoba esazama ukuhlanganisa imali yokulekelela umndeni wakwaNdwandwe.

OLUNYE UDABA: Ubulale unkosikazi waqeda wazincoma

“Nami kangazi ngempela ukuthi yini lena engaka eyenze ukuba lo mfana akhethe ukubulala unina wengane yami ngale ndlela. Besidanda kufika kule ndawo njengoba besiqashile nje. Ubengakaze naye angitshele ukuthi kukhona abaphambane ngakho.

“Uma ngizwa ngabantu, kuthiwa umsolwa ubephuzile, engingeke ngikuqinisekise ngoba mina ngimazi engumuntu ozihlalela kubo uma engekho emsebenzini.

“Ngibuhlungu kakhulu ngento eyenzekile ngoba ushiye nezingane ezintathu ezisencane,” kusho uZulu.

Uthi uke wafika umndeni kamsolwa uyoxolisa ngesenzo sakhe, wamazisa ukuthi naye ugcine ngokushona esibhedlela.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbhele, uthi kuvulwe icala lokubulala nedokodo ngokufa komuntu.

Uthi umsolwa ubalekile emuva kokwenza lokhu wabe esezidubula njengoba etholwe enenxeba ekhanda – ushonele esibhedlela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-28 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...