'Ungihlukumeze kabi umjolo waku-Facebook'

2017-05-25 19:30

Johannesburg - Okokuqala ngqa empilweni yakhe, uZukisa Leleki, 36, ubezitshela ukuthi useze wamthola umaqondana wakhe, umuntu omthanda ngokweqiniso.

Lezi zithandani zihlangane enkundleni yezokuxhumana uFacebook.

UZukisa uthi kwakumnandi othandweni, uNoma Sakati intombi yakhe, imfonela nsukuzonke imtshela indlela emthanda ngayo.

“Wayeyazi kahle into ayenzayo. Ekuqaleni wayezenza umuntu ofuna ukuba yintombi yami. Kodwa wangijikela esiswini njengotshwala esengicela ukuthi ngimsize ngemali,” kusho uZukisa.

OLUNYE UDABA:INGOSI: “Dlana indoda wena, ukhohlwe ustar wakho”

Uthi waqala wacela imali yokusuka eRustenburg aye eGoli, nokuyilapho abebezohlangana khona.

“Ngamthumela u-R345 ngoDisemba, kodwa lutho ukufika, Waqhamuka nezaba zokuthi kukhona okumbambile. Ngathumela enye imali ngoJanuwari kodwa futhi waphinda okwasekuqaleni,” kuqhubeka yena.

Uthi ngamaholidi ePhasika, le ntokazi yazama ukucela enye imali yokugibela kodwa wayitshela ukuthi uzobe engekho.

Uthi ngesonto eledlule, uNoma wafona ecela ukuba amsize ngemali futhi.

“Wathi udinga ukuvuselela i-DSTV yakhe. Selokhu ngamnika leyo mali, akaphindanga wakhuluma nami,” kusho yena ebalisa.

Ithimba leDaily Sun lixhumana nalo wesimame, uqale waphika ukuthi uyamazi uZukisa, kodwa washaya ungqimphothwe esebuzwa ngemali.

“Wayelokhu engincenga ukuthi ngihlangane naye ngase ngithola ithuba lokumchutha. Akukho engimukweleta khona ngoba ubengaphoqiwe ukwenza lokhu abekwenza,” kusho uNoma.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...