Ungeniswe esibhedlela umqeqeshi weqembu le-PSL

2017-03-06 19:31

Cape Town – Isikhulu seChippa United, uChippa Mpengesi, usekuqinisekisile ukuthi umqeqeshi waleli qembu, uDan Malesela, usengeniswe esibhedlela.

AmaChilli Boys kulindeleke ukuthi atholane phezulu neBidvest Wits ngoLwesibili emdlalweni we-Absa Premiership, kodwa kuzomele adlale ngaphandle kukaMalesela ethimbeni labaqeqeshi.

“Lokhu kubuhlungu kuthina sonke, kodwa ngebhadi, kungaphezu kwamandla ethu. Uzwe umsindo esifubeni sakhe izolo (ngeSonto) ejimini wabe eseya kobonana nodokotela,” uMpengesi ucashunwe kanjalo yiKickOff.

OLUNYE UDABA: I-SAFA isihlehlise ukumenyezelwa komqeqeshi omusha weBafana

“Ngikhulume naye wabe esengitshela ngezinhlungu kodwa ngemuva kwehora, ngizwe ukuthi isimo sakhe siye ngokushuba futhi ube eseyiswa esibhedlela. Ngicabanga ukuthi yinto enokwenza nenhliziyo yakhe kodwa anginaso isiqiniseko, kodwa kunokwenza nenkinga yenhliziyo.

“Siphatheke kabi kakhulu futhi sishaqekile ngalokhu kodwa asikwazi ukulawula intando kaNkulunkulu. Simufisela ukululama okusheshayo.”

Uma iWits ishaya iChippa kulo mdlalo ozobe useSisa Dukashe Stadium izohlala esicongweni seligi.

Kumanje amaClever Boys ahlezi endaweni yesibili ku-log, angemuva kwiCape Town City ngephuzu elilodwa kanti futhi asasalelwe yimidlalo emibili esandleni.

Ngakolunye uhlangothi, i-United yona isendaweni yeshumi ku-log – ngemuva kwemidlalo engu-20 – kanti isenamaphuzu angu-22.

Lo mdlalo uzoqala ngo-19:30 kusihlwa. 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...