Ungenelwe yizigebengu elele ungqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kwendle

2017-03-19 18:29

Mthatha - Izigebengu zigqekeze ehhotela obekulele kulo uNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uNomvula Mokonyane namuhla (ngeSonto) ekuseni ngovivi eMthatha, kusho umnyango.

"Kuvela ukuthi izigebengu zingene ngewindi elingenela egumbini likangqongqoshe, abelele kulo ngaleso sikhathi.

OLUNYE UDABA: Kugqekezwe ihhovisi likaMalema kwebiwa imiqulu

"Ezintweni ezebiwe kubalwa isikhwama, amaselula ne-tablet yakhe. Ungqongqoshe akazange alimale kusho umnyango.

"Kuvulwe icala lokugqekeza nokweba esiteshini samaphoyisa aseMthatha kanti udasba luyaphenywa."

UMokonyane ubhambele ushado wesihlobo kanti ngoLwesihlanu ubeseWalter Sisulu University.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-23°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 8-19°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Decreasing cloudiness. Cool. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...