Ungcwatshwe amanye amalungu omndeni engazi owawina iLotto

2016-08-12 10:01

Durban – Sekuvele ezithi ungcwatshwe ungazi umndeni wakolonina owesilisa waseMpangeni owawina iPowerball ka-R18.6 million, njengoba bekunombango ngesidumbu sakhe.

Isidumbu sikaNhlanhla “Buddah” Dlamini, owashona ngoMeyi engozini yemoto, kusukela saduva emakhazeni solokhu ashone.

UDlamini kuthiwa ungcwatshwe ngumfowabo wakwaDlamini ngomhlaka-24 Julayi emathuneni asekhaya eNkandla.

OLUNYE UDABA: Namanje akakangcwatshwa owawina iLotto e-KZN

Umndeni wakubo kanina kwaNgubane ububambe ongezansi usuzwa ngeSolezwe ukuthi uDlamini usefihliwe.

Lo mbango ubusukela ekutheni abakwaNgubane bafuna ukungcwaba uDlamini ngoba wakhuliswa khona.

UDlamini kuthiwa umthole esekhulile ubaba wakhe, wabe eseshintsha isibongo sakhe ngokushesha.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...