Ungcwabe ugogo wakhe wabe esebuyela ejele uPistorius

2017-08-17 09:32

Cape Town – U-Oscar Pistorius ubuyele e-Atteridgeville Correctional Centre ePitoli ngemuva kokuyothamela inkonzo yomngcwabo kagogo wakhe ngoLwesithathu ekuseni, kusho uMnyango wezokuhlunyeleliswa kwezimilo.

I-YOU ibike ukuthi uJoyce Bekker, 93, ushonile ngemuva kokuxinwa ukugula okuhlobene nokuguga.

Okhulumela ezokuhlunyeleliswa kwezimilo uSingabakho Nxumalo utshele iNews24 ukuthi uPistorius ubefake isicelo sokuyothamela inkonzo yomngcwabo.

OLUNYE UDABA:  Idutshulwe yashona indoda ebizitika ngocansi epaki eThekwini

Uthe ziningi izinto abazibhekile ngaphambi kokugunyaza isicelo sikaPistorius, okubalwa kukhona nokuziphatha kanye nobungozi besiboshwa.

U-Oscar udonsa iminyaka eyisithupha ejele ngecala lokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp ngoFebhuary 14, 2013.

INational Prosecuting Authority yasidlulisela phambili isigwebo anikezwa sona, ikhala ngokuthi sincane kakhulu.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-29°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 19-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...