Ungase ugqemeke ingozi umndeni wakwaGupta ngokuthutha kwebhange

2018-02-12 14:00

Johannesburg – IBank of Baroda ngeke isaqhubeka nokusebenzela kuleli laseNingizimu Afrika, nokuyizindaba ezingezinhle emndenini wakwaGupta.

Leli bhange laseNdiya selazise ihhovisi elilawula ukusebenza kwamabhange [Office of the Registrar of Banks] ngesinqumo salo, kusho iSouth African Reserve Bank (Sarb) esitatimendeni ngoMsombuluko.

"Ihhovisi…lisezingxoxweni neBank of Baroda ukuqinisekisa ukuthi liphuma ngendlela ekahle eNingziimu Afrika ukuze kungalimali abantu abasebenzisa leli bhange,” kusho i-Sarb.

OLUNYE UDABA: Kubukeka sithathwe namhlanje isinqumo ngekusasa likaZuma

NgoJanuwari, iBank of Baroda ivumile ukunikeza izinhlangano zomphakathi imiqulu yasebhange emayelana nomndeni wakwaGupta, ngemuva kokuba iHelen Suzman ifake isicelo sokuvunyelwa ukuthola imininingwane.

Ngo-Okthoba 2017‚ iNkantolo eNkulu eNorth Gauteng, ePitoli yayalela ukuba leli bhange liqhubeke nokusebenzisana nezinkampani ezihlobene nomndeni wakaGupta, kulandela isinqumo samanye amabhange amakhulu kuleli sokuvala ama-akhawunti amabhizinisi alo mndeni.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...