UNdunankulu uzohola imashi yokulwa nokuhlukunyezwa kwabesifazane

2017-07-13 16:00

Durban - UNdunankulu wakwaZulu-Natal uWillies Mchunu uzohola imashi yokulwa nokuhlaselwa kwabantu besifazane nezingane.

Ngaphansi kwesiqubulo esithi “Real Men Don’t Rape,” le mashi izokwenzeka ngoLwesihlanu mhlaka-14 Julayi kanti izoqala epaki iKing Dinizulu ngo-9:00 ekuseni iyophelela eGugu Dlamini Park eduze kwenxanxathela yezitolo iWorkshop.

OLUNYE UDABA:Kuhlelwe imashi ngelokubulawa kwentombazane

Ngokusho kwakhe uNdundankulu: “Amadoda angempela kumele asukume avikele abantu abangenawo amandla okuzimela emphakathini. Ngeke sihlale sisonge izandla sibona imiphakathi yethu iphela.”

Kulindeleke abantu abangaphezu kuka-10 000 okuhlanganisa kubo amalungu omkhandlu kanye nabaholi bomphakathi ababuya ezindaweni ezahlukahlukene kulesi sifundazwe.

UMchunu uthi iyashaqisa imiphumela ekhishwe wuMnyango wezeMpilo kuzolwenke ka-2016/2017 yamacala angu-55 000 okunukubeza ngokocansi kanti angu-11 466 ngawaKwaZulu-Natal.

“Umkhandlu weTheku ube namacala angu-4 227 noma u-37% okudlwengula. Kubuhlungu ukuthi u-4 417 noma u-39% wamacala ngawokudlwengulwa kwezingane ezingaphansi kweminyaka engu-12 ubudala.

“Umuntu osile kahle ekhanda angazibuza ukuthi wumuntu onjani ongafuna ukulala engane eneminyaka engu-12 ubudala,” kusho uMchunu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...