UMvikeli woMphakathi uthi ibhange lakwa-Absa kumele liyikhokhe imali

2017-06-19 18:02

Tshwane – UMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane ubambe isithangabi sabezindaba ngoMsombuluko emini ethula imibiko embalwa yehhovisi lakhe solokhu angena kulesi sikhundla, kubika i-African News Agency. 

UMkhwebane ugxeke kabi uhulumeni kanye nebhange ngodla yakuleli iReserve Bank ngokuhluleka ukubuyisa inzalo yezigidi zamaRandi kuBankorp Limited/Absa Bank.

Lo Mvikeli woMphakathi uthi lokhu kuyisipho esingekho emthethweni kanti kumele le mali ikhokhwe abakwa-Abasa okuyibona abathenga iBankorp ekuqaleni kweminyaka yama-1990.

OLUNYE UDABA:I-ANCYL isabisa ngokuvala wonke amagatsha ebhange i-Absa

"Izinsolo zokuthi ngabe uhulumeni wakuleli kanye nebhange ngodla bahluleka ukubuyisa imali engango-R3.2 billion kusukela ku-Bankorp Limited/Absa Bank okulotshwe kumbiko owaziwa nge-Ciex ziqinisekisiwe njengesipho esingekho emthethweni esanikwa iBankorp Limited/Absa Bank phakathi kuka-1986 no-1999," kusho uMkhwebane.

Imali okuyiyona yona eyaba yisipho esingekho emthethweni ngokusho kukaMkhwebane yinani lika-R1.125 billion."

Uqhubeke wathi uhulumeni uhlulekile ukuyibuyisa le mali kodwa leli bhange kumele liyikhokhe.

Lo mbiko waphuma ekuqaleni konyaka ngesikhathi uputshuka.

Lo mbiko, oveza ukuthi usayinwe uMkhwebane esanda kungena kulesi sikhundla kanti wabonisa ukuthi uThabo Mbeki kanye nohulumeni wakhe bephula umthetho ngokungazami ukubuyisa imali engaphezu kuka-R2 billion iBankcorp eyayiboleka i-Absa.

Ngaleso sikhathi uMphathi webhange loMbuso uLesetja Kganyago, wakhipha isitatimende sokuthi bazosebenzisana noMvikeli woMphakathi ukuzama ukuxazulula lolu daba.

Lokhu kwenza amaqembu ezepolitiki abhikishele emabhange akwa-Absa efuna leli bhange liyikhokhe yonke le mali yize wawungakaqinisekiswa lo mbiko.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 9-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-23°C Sunny. Mild. Bloem: 6-25°C High level clouds. Mild.
Dbn: 14-24°C Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...