UMvikeli woMphakathi uphenya inkampani ephakela iGoli ngogesi

2017-02-17 12:31

Johannesburg – UMvikeli woMphakathi uBusisiwe Mkhwebane usekuqinisekisile ukuthi ihhovisi lakhe liphenya iCity Power.

UMkhwebane ubekhuluma ngemuva komhlangano abenayo nababambiqhaza ehholo laseGoli ngoLwesine.

Ngasekuqaleni kwesonto, uMashaba uxoshe obebhekele ingqalasizinda, u-Anthony Still, ethi akahambisani nendlela yokubhekana nenkohlakalo kwiCity Power.

OLUNYE UDABA: Uncengwa ngobhiya oshaywe ngumqashi

Kodwa uStill uthe waxoshwa ngemuva kokungavumelani nemeya ngokumiswa kukaSicelo Xulu, ongesinye sezikhulu zeCity Power.

UMkhwebane uthe uphenyo selukuvuthondaba.

“Yebo, senza uphenyo kanti  ngicabanga nokuthi selukuvuthondaba futhi sizokhipha umbiko maduzane.”

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Cool. Bloem: -1-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-20°C Morning clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...