UMusa Mseleku uthi uzoyiveza imilayezo yezintombi ezimshendela ku-Inbox

2017-05-19 19:29

Durban - Kuvungame izinkundla zokuxhumana, abesimame bakhala ngokuthi bacela ukuba ngonamba 5 esithenjini sikaMusa Mseleku.

NgoLwesine ebusuku iMzansi Magic idlale okokuqala uhlelo, Uthando Nes’thembu, olumayelana nempilo kasomabhizinisi uMusa Mseleku, 43 namakhosikazi akhe amane.

UMseleku unamakhosikazi amane nezingane eziyishumi.

Ngesikhathi echaza amakhosikazi akhe uMseleku uthe unkosikazi wokuqala uMaCele yintokazi ezothile kodwa futhi ekhululekile ngemizwa yayo.

Owesibili uMaYeni uyintokazi ekwaziyo ukulalela futhi iyona ewusizo kakhulu ngokweluleka abantu uma benezinkinga.

UMaKhumalo ongunkosikazi wesithathu yintokazi esencane kanti uMseleku umchaza njengencwadi evulekile.

UMagcino kulawa makhosikazi uMaNgwabe kuthiwa yize eyintokazi ezothile nayo kodwa angakubambela igqubu isikhathi eside uma umonile.

OLUNYE UDABA:UMBONO: Ushukumise isizwe uMseleku

Lolu hlelo luthandwe kakhulu njengoba nabantu beluthakasele uhlelo oluveza usiko lwakudala lwesithembu.

Ukushaqe amadoda amaningi, yindlela abantu besimame abaluthakasele ngalo lolu hlelo, babodwa abavele baphumela obala ngokuthi bangakujabulela ukuba sesithenjini esifana nalesi.

Into ecacile wukuthi iningi labesimame lihehwa yile mpilo nje ngoba kusobala ukuthu uMthombeni yindoda esuthayo futhi namakhosikazi akhe awaconsi phansi kuyena.

Uphethe izibutubutwana zamakhosikazi okuthiwa azimazi ubasi ngoba phela kuleli khaya ubaba wusomabhizinisi kanti wonke amakhosikazi asiza ubaba ngebhizinisi.

UMthombeni uthathele kuFacebook ebabaza indlela abesimame asebemhlasela ngayo ngemilayezo ku-inbox.

UMseleku useqwashisa amadoda ngezintombi zawo ngoba cha ubesebona ukuthi ngeke akwazi nokulala yilezi zintombi ezijaha utalagu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More clouds than sun. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...