Umunyu kushona amalungu ayisithupha omndeni owodwa e-Underberg

2017-10-06 16:03

Durban - Usizo luzwe olunye emndenini wKwaMndali, eKilmun, e-Underberg, enyakatho ntshonalanga yeKwaZulu-Natal oshonelwe ngamalungu angu-6 engozini yemoto kungakapholi maseko kushaywe ubaba wekhaya ngabantu abangaziwa waqhuma amehlo wafa nohlangothi.

Kulo mndeni ngeSonto kushone uSihle Mndali, 34, uNompumelelo Mndali, 32, u-Alwande Mndali, 10, uVuyolwethu, 8, uNolwethu, 2 noNkanyiso, 2.

Bashone emgwaqeni u-R617 ngesikhathi imoto abebehamba ngayo eyiToyota Tazz ingena elolini lezingodo maqede layihudula layisonga, kubika ILANGA.

Le moto bebehamba ngayo ibishayelwa nguSimangele Ndlovu othandana noSihle okunguyena obeyobalanda ekhaya beya emsebenzini e-Underberg.

OLUNYE UDABA: Sekuphinde kwaqothwa omunye umndeni e-KZN

Ngokusho kukanina wabo uBawinile Mndali, 52, ngabe kungcono ukuba le ngozi yehlele yena kunalobu buhlungu abuzwayo.

"Lezi zingane bese sinakekelwa yizona ekhaya njengoba uyise engasebenzi ngenxa yokulimala emuva kokushaywa ngabantu. Manje sengephucwe zona ngosuku olulodwa. Uyise walezi zingane usahamba udokotela emuva kokuqhuma amehlo.

"Ngeke ngimgxeke uNkulunkulu ngokwenzekile kodwa inhliziyo yami iyaqaqamba. Ngicishe ngashayeka phansi ngifika endaweni yesigameko ngikhonjiswa izingane zami zilele ziwuyaca, zisongwe ngopulastiki abacwebezelayo osebeni lomgwaqo," esho.

Uthi lezi zingane zizongcwatshwa ngoMgqibelo.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Thembeka Mbhele uthe okwamanje akekho osaboshiwe njengoba kusaphenywa ngembangela yengozi.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...