UMugabe ufisele i-ANC okuhle kodwa njengoba ibheke enkomfeni kaDisemba

2017-10-03 18:01

Pretoria – UMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe usethumele izilokotho ezinhle kwi-ANC njengoba ibheke enkomfeni yokukhetha ubuholi esivele yandulelwe yizigameko ezingezinhle.

Ngesikhathi ethula inkulumo yokuvula iBi-National Commission ebibanjelwe ePitoli ngoLwesibili, uMugabe uthe i-ANC akumele ikuvumele ukuqhekeka.

"Sifisela i-ANC impumelelo engqungqutheleni yokuqokwa kobuholi ukuze iqhubeke kahle nomsebenzi, ibumbene,” kusho uMugabe.

Unezezele ngokuthi i-ANC yabamba iqhaza ekukhululeni izwekazi i-Afrika.

Njengoba kubhekwe enkomfeni kazwelonke yokukhethwa kobuholi, i-Eastern Cape ibambe eyayo inkomfa ngempelasonto kepha kwaba nesiphithiphithi ngesikhathi kuhilizisana izinhlangothi eziyizimbangi.

OLUNYE UDABA: I-ANC eKZN ayinavalo ngokuthi angase agudluzwe uZuma - Zikalala

Kanti e-KZN labo abakhishwa ezikhundleni bahambisa ubuholi bale nhlangano enkantolo bekhala ngokuthi wayingekho emthethweni ingqungquthela yokukhethwa kobuholi yango-2015.

Inkantolo nebala yahamba phezu kwala mazwi yathi le ngqungquthela ayihanjiswanga ngendlela futhi imiphumela yakhwatshaniswa.

Inkomfa yase-Eastern Cape iqale kabi ngesikhathi amalungu ephazamisa umcimbi ngoLwesihlanu ebusuku, kwathi amanye azama ukugasela lapho yayibanjelwe khona ngoMgqibelo ebusuku bahlakazwa ngama-stun grenades.

Kwabe sekubheduka udlame ezintatha ngeSonto, amanye amalungu alimala.  I-video yeNews24 itshengisa amanye amalungu ejikijelana ngezihlalo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...