UMugabe ubengakasifaki isicelo sokubhaca kuleli – Dirco

2017-11-22 16:01

Cape Town – IDepartment of International Relations and Cooperation (Dirco) ibingakasitholi isicelo sokubhaciswa kuleli esivela kulowo obenguMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe, kutshelwa iPhalamende.

IPhini likaNgqongqoshe kulo Mnyango, uLuwellyn Landers, belikhuluma namalungu ePhalamende ngoLwesithathu kulandela isinqumo esiyingqophamlando sokwesula kukaMugabe esikhundleni ngemuva kweminyaka engu-37 eqhoqhobele izintambo zoMbuso.

ULanders uyichithile imibiko esenkundleni yezokuxhumana ethi uMugabe ucele ukubhaca kuleli noma ukuthi uzofaka isicelo.

OLUNYE UDABA: UMnangagwa kulindeleke afingiswe njengomengameli

"Okwamanje, akukho okukhomba ukuthi uzofaka noma usesifakile isicelo sokubhaca kuleli yena  noma omunye umuntu. Kuze kube lokho kuyenzeka, lolu daba lungamahlebezi nje kwaphela,” kusho uLanders.

ULanders uphinde wathi udaba lwecala likaGrace Mugabe lusenkantolo, ngakho iyona ezobhekana nalo kwazise izinkantolo zisebenza ngokuzimela.

Uthe uma uMugabe ezobhaca kuleli akusho ukuthi ijaji lizobe seliyawahoxisa amacala abhekene nomkakhe ngoba umthetho kawusebenzi kanjalo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...