UMugabe kulindeleke avakashele elakuleli ngelizayo

2017-09-30 13:36

Cape Town – UMengameli Robert Mugabe kulindeleke afike eNingizimu Afrika ngesonto elizayo ngokomsebenzi, kusho ihhovisi likamengameli esitatimendeni.

"UMengameli Jacob Zuma ngoLwesibili, mhlaka 03 Okthoba 2017, uzosingatha uMengameli waseRepublic of Zimbabwe, umhlonisha uMengameli Robert Mugabe, ukuzothamela isigaba sesibili seSouth Africa-Zimbabwe Bi-National Commission (BNC) olulindeleke sibe sePitoli,” ngokusho kwesitatimende.

OLUNYE UDABA: Isoka lidubule 'labulala' intombi noyise

I-BNC, ezokwenganyelwa uZuma noMugabe ngokubambisana, izonikeza ithuba lokubuyekeza isimo sobudlelwane balamazwe amabili angomakhelwane.

I-BNC izophinde ihlinzeke ngethuba lokuqinisa ubudlelwane phakathi kweNingizimu Afrika neZimbabwe, kubhekwe nosekwenziwa kusukela kusungulwa i-BNC ngo-Okthoba 2016.

UZuma noMugabe kulindeleke baphinde bakhulume ngezinto zithina iSADC nezinye izingxenye zezwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...