Umufi wayebika ngokuhlukumezeka emendweni

2016-12-14 11:30

Vaal - Enikeza ubufakazi eNkantolo eNkulu yaseVereeniging, owesimame uthe indodakazi yakhe yambikela ngokuhlukumezeka emendweni.

UGeneé Kester ubefakaza ecaleni lokubulawa kwendodakazi yakhe uChé Fox‚ 27‚ lapho aveze khona ukuthi indodakazi yaze yamtshela ukuthi umyeni wayo oyiphoyisa uSergeant Kennedy Fox‚ 35‚ wayeseqonyiwe.

Uthe yize yayihlukumezeka, indodakazi yakhe yayingakaze ikhulume ngokudivosa umyeni wayo.

Umama wakhe uthe ngonyaka ka-2014, uChé wamtshela ukuthi ufuna ukuhlala ngokuhlukana nomyeni wakhe, wayehlele ukwenza lokhu ngenyanga elandela le abulawa ngayo.

“Isisekelo sezinkinga zabo kwakungukuqonywa kukaKennedy.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwa kwabulawa iphoyisa kuphangwa eXopo

“Ngonyaka ka-2009 kanye no-2010, umkhwenyana wake wangithinta wathi angiphuthume emzini wabo ngoba kwakukhona inkinga ayeyivelile. Ngifika khona umsolwa wayehleli kusofa enenxeba lokugwazwa esandleni opha, wangitshela ukuthi ugwazwe yindodakazi yami,” kusho lo mama etshela inkantolo.

Uqhubeke wathi babelwa njalo laba bashadikazi kwaze kwaba wukuthi kuphuma isidumbu ngonyaka ka-2014.

UFox, osebenzela uphiko lwe-Flying Squad eVaal Rand, waliphika icala lokubulala umkakhe emzini wabo oseRustervaal ngomhlaka-6 Novemba 2014.

Kuthiwa wadubula umkakhe ekhanda, waphumela phandle wadubula kathathu ewindini.

Ngokwakhe, uFox uthi umkakhe wadutshulwa yisigebengu esasidubula singaphandle, kubika iSowetan.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 8-17°C High level clouds. Mild. Pta: 6-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 13-16°C Numerous showers. Morning clouds. Cool. PE: 10-16°C Showers early. Decreasing cloudiness. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...