Umsolwa 'wagwaza wabulala intombi wahambisa isidumbu emaphoyiseni'

2017-07-28 07:01

Tlhabane - Owesilisa oneminyaka engu-38 ubudala osolwa ngokugwaza abulale intombi yakhe ulivumile icala.

UWilliam Mthimkhulu utshele iNkantolo kaMantshi yaseBafokeng ukuthi wagwaza uMpho Mthini ngomhlaka-4 Disemba 2016.

“Saba nengxabano ngaphandle kwethaveni, ngaya emotweni yami ngiyolanda ummese ngabuyela kuyena ngamgwaza emhlane. Ngangikwazi kahle engangikwenza,” kusho umsolwa ngesitatimende esifundwe enkantolo.

OLUNYE UDABA:Umlingisi uthi wabekwa icala lokushayela ephuzile ngephutha

UMthimkhulu uvumile ukuthi uMthini, 25, washona ngenxa yamanxeba owagwazwa nguye.

Umsolwa wafaka umufi emotweni yakhe waya emaphoyiseni aseRustenburg lapho afike wawabikela ngokwenzekile.

Lo msolwa akakaze waphambana nengalo yomthetho ngaphambilini.

Inkantolo ilihlehlisele umhlaka-26 Septhemba leli cala ukuba ligoqwe ngaphambi kokuba agwetshwe, kubika iThe Citizen.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-34 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...