Umsolwa ugwaze wabulala iphoyisa eboshwa

2017-10-24 11:00

Limpopo – Kulindeleke avele eNkantolo kaMantshi eLouis Trichardt ngoLwesibili umsolwa okuthiwa ugwaze wabulala iphoyisa lizama ukumbopha eLimpopo.

UWarrant Officer Andrew Mudau, 59, osebenza ngaphansi kophiko lwabaseshi eMakhado ushone ngoMgqibelo, ngemuva kokugwazwa ngesikhathi ebopha owesilisa obefuneka ngecala lokushaya nelokweba imoto.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant Colonel Moatshe Ngoepe uthe amaphoyisa abelandela umkhondo owaholele emzini oseLouis Trichardt.

OLUNYE UDABA: Indiza enophephela emhlane iphoseke esizibeni

"Umsolwa uvele wabanodlame ngesikhathi amaphoyisa efuna ukumbopha, wase edumela iphoyisa walibhokoda ngommese,” esho.

UMudau ugwazwe amahlandla amaningi esifubeni, kusho uNgoepe.

"Umsolwa oneminyaka engu-30 ubudala uboshiwe ngemuva kokuzungezwa ngamaphoyisa engaphakathi endlini.”

Uphenyo luyaqhubeka, kusho uNgoepe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-32 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...