Umsolwa udutshulwe ekhanda kudutshulwana namaphoyisa

2017-09-13 14:00

eGoli - Kube yisigameko esibi kakhulu endaweni yaseFleurhof, eGoli, ngesikhathi amaphoyisa ejaha izigebengu ngoLwesibili emini.

Ngokubika kwephephandaba iRoodepoort Record, abasolwa abane bagcine beshayisa ngemoto ngesikhathi bedubulana namaphoyisa.

Kukholakala ukuthi laba basolwa bebebandakanyeka esigamekweni sokudunwa kwemoto ekuseni ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA:BUKA: Kuqubuke udlame ejele laseBoksburg iziboshwa zikhala ngempatho

Amaphoyisa e-SAPS kanye namaphoyisa omgwaqo ajahe imoto yalaba basolwa ihamba emgwaqeni uMain Reef. Ngesikhathi bebona ukuthi amaphoyisa ayabajaha, abasolwa bavulele ngenhlamvu bebhekise emaphoyiseni.

Ngeshwa umshayeli wemoto ehamba abasolwa uhlulekile ukuyilawula yashayisa udonga kuWinze Drive.

Umsolwa oyedwa udubuleke ekhanda kanti abanye balimale kabi kulesi sigameko.

Ibingaktholakali imibiko yakamuva eqinisekisa ukuthi kukhona umsolwa ogcine eshonile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...