Umsindo ngokushaywa kwezingane esikoleni e-KZN

2017-05-12 07:03

Johannesburg - Abazali abebedinwe bagane unwabu esikoleni samabanga aphansi esiseRichards Bay, enyakatho yeKwaZulu-Natal bazwakalise ukucasuka kwabo ngendlela othisha bakulesi sikole abaziphatha ngayo.

Kune-video etshengisa uthisha eshaya ephindelela ngempama umfundi owenza uGrade 7 phambi kwabanye abafundi ekilasini.

Le video, ezungeze ezinkundeni zokuxhumana ekupheleni kwesonto eledlule, isisuse omkhulu umsindo.

Omunye wabazali, 34, utshele iDaily Sun ukuthi: "Enye ingane yami eyiwele esiyenza uGrade 8 kwesinye isikole yashaywa kabi ngothisha ababili abahlukene kuso lesi sikole isenza uGrade 3 ngaleso sikhathi.

"Ngaya esikoleni ngiyobuza kodwa akukho okwenziwa. Ngezwa ngesigameko ngesikhathi ngikhuluma nodadewabo wesisulu."Wangitshela ukuthi iwele lakhe lashaywa wuthisha ngezimpama kaningi ekilasini."

OLUNYE UDABA: BUKA: Umfundi ethela isibhaxu abazali bomunye

Le video yakamuva, emfushane isibukwe abantu abangaphezu kwabangu-2 258 ku-YouTube.

Lo thisha uzwakala ethetha ethi: "Yini inkinga yakho le nto engazi luthi le".

Okhulumela uMnyango wezeMfundo, uKwazi Mthethwa, uthe uMnyango usigxekile isenzo sothisha bakulesi sikole.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Sunny. Cool. Pta: 16-30°C Strong thunderstorms. High level clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 15-21°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...