Umshayeli wetekisi udutshulwe wabulawa umgibeli

2017-12-09 12:08

Durban – Umgibeli udubule wabulala umshayeli watekisi KwaZulu-Natal, kusho amaphoyisa ngoMqgibelo.

Okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthi umshayeli ubesekhoneni likaSelborne noDerick Uys Road eMbilo, eThekwini ngesikhathi ebulawa.

"Kuthiwa udutshulwe ngomunye wabagibeli ebebesetekisini yakhe. Ushonele endaweni yesigameko, umsolwa wabaleka ngonyawo.”

Okhulumela abosizo lokuqala beRescue Care uGarrith Jamieson uthe abosizo lokuqala babizelwe endaweni yesigameko ngabo-07:00 ekuseni.

OLUNYE UDABA: Usesimeni esibucayi umfana ochaphazeleke kwesokudubula

"Kuthe uma abosizo lokuqala befika bathola umshayeli wetekisi enamanxeba okudutshulwa esasemotweni yakhe.

"Abosizo lokuqala bamhlolile, bathola ukuthi akukho ebebesangakwenza, kwaqinisekiswa ukuthi ushonele khona lapho.”

Akucaci kahle ukuthi kubeyini imbangela yokudutshulwa kwakhe.

Kuvulwe idokodo ukuze kuphenywe, kusho uZwane.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...