Umshayeli wetekisi ubulawe ngesonto lokuqala ethole umsebenzi

2018-04-25 13:59

Johannesburg - Umshayeli weteskisi odutshulwe wabulawa kubikwa ukuthi belingakapheli nesonto eqalile ukushayela itekisi.

Umndeni kaThabo Motsei awukholwanga ngesikhathi ubona isidumbu sakhe sidindilizile eNaturena, eningizimu yeGoli, ngoLwesibili.

Le ndoda eneminyaka engu-23 ubudala kusolwa ukuthi ibulawe njengoba kunezingxabano eziqhubekayo embonini yamatekis eFreedom Park, eningizimu yeGoli.

Umalume kamufi uNtibi Motsei uthe umshana wakhe ubulawe njengesilwane sasendle ebesizingelwa.

OLUNYE UDABA:Kubulawe umshayeli wetekisi kuqubuka ingxabano emgwaqeni

"Abenzi bokubi, bambulalise okwenja umshana wami. Bamdubule bephindelela emzimbeni, umzimba wakhe ugugile yizimbobo zezinhlamvu; ngoba kwenzejani? Akenzanga lutho," kusho uNtibi.

UNtibi ubekhuluma nabeSowetanLive ngesikhathi amaphoyisa ephenya endaweni yesigameko.

UNtibi uthi bagcine ukubona umshana wakhe ephuma ekuseni ngezithuba zabo-04:30.

"Ubengumuntu olungile angikaze ngizwe kuthiwe kukhona abelwa naye. Okwenzekile kuhlobene nemboni yamatekisi."

UNobhala we-United Taxi Associations Front, u-Enoch Zondo, uthe inhlangano ikhathazekile futhi icasukile ngokubulawa kukaMotsei.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Sprinkles early. Partly cloudy. Cool. Pta: 10-25°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 9-20°C Morning clouds. Mild. Bloem: 4-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...